Ukuba nengane kuyoba enye yezigameko eziklomelisa kakhulu kodwa futhi ezifaka ingcindezi empilweni yakho. Kwelinye icala, ulindele ukwa-mukela intokozo yakho elindelekile emva kwezinyanga eziyisishiyaga-lolunye. Kepha, kwelinye icala uzobe ucabanga ukuthi ungaqinisekisa kanjani ukudlula kwengane yakho esibelethweni ize kulo mhlaba ngen-dlela engaba nokuhlukumezeka komqondo okuncane.
Ngokwazi izinkethi zakho nangokuxhumana nomhlinzeki wakho wese-visi yokunakekelwa kwezempilo, ungathatha isinqumo esikahle sakho nesengane yakho. Impilo yakho ngokujwayelekile nokuphila kwakho, kanye nalokho kwengane yakho engakazalwa, izona zinto eziyoba izikali ekukhetheni onakho. Qinisekisa ukuthi uyaqonda ngokuzokwenzeka nezinto ezinhle nezimbi ekukhetheni kwakho.
Wena nengane yakho niyaqashelwa inqubo yonke yokubeletha futhi isitafu sezokwelapha esiqeqeshiwe siyatholakala uma uba nezinkinga.
Ukuqashelwa okweqile kungaholela ekungenisweni kokwelashwa okungenasidingo.
Ungadinga ukududuzwa izinto ezijwayelekile ngalesi sikhathi kanti isibhedlela asiyona indawo enemfudumalo neduduzayo njalo.
Ukuzalela ekhaya kuyinkethi ephephile, uma ukukhulelwa kwakho kujwayelekile, umuntu okubelethisayo usebenzisa izinsiza zangaleso sikhathi, eziphathekayo futhi ukwazi ukufinyelela ekhaya lakho ngesikhathi.
Usendaweni oyijwayele, ethokomele ngenkathi ubeletha ingane yakho.
Uma uba nezinkinga, usizo ozoluthola luncike ebungcwetini bomhlengikazi noma okubelethisayo nasekukudluliseleni kalula esibhedlela, uma lokhu kudingeka.
Lokhu ukubeletha okujwayelekile okwenzeka ngaphansi kwamanzi futhi kungasetshenziswa njengendlela yokunciphisa izinhlungu ngesikhathi sokubeletha.
Unganyakaza kalula emanzini.
Kungaba nobungozi bokuthola amagciwane kuwena nasenganeni.
Ingane izalwa ngokusika isisu nesibeletho. Kungaphephisa impilo yengane nekamama, kodwa imiphumela yokuhlinzwa okukhulu nokujovwa ungezwa lutho kungadala ukuthi umama abe nezinkinga.
Ukubeletha ngokuhlinzwa Kokuzikhethela kuhlelwa ngesikhathi ukhulelwe ngenxa yezinkinga zokulashwa noma zokubeletha, lapho ukubeletha kuthathwa njengokunga-phephile enganeni noma kumama.
Ukubeletha ngokuhlinzwa Okuphuthumayo kwenziwa uma izinkinga zenzeka ngesikhathi sokubeletha. Ngesinye isikhathi, isidingo sokubeletha ngokuhlinzwa asicaci kuze kuqalwe ukubelethisa kanti abanye omama abahlose ukube-letha ngendlela ejwayelekile, kungadingeka ukuthi babelethe ngokuhlinzwa.
Ukubeletha kwakho kuqhubeka ngendlela embi.
Amathambo akho enkimfi emancane kakhulu.
Ukushaya kwenhliziyo yengane, okuyoqashwa ngomshini ohlola nge-elekthronikhi ekubelethisweni kwakho konke, kungasho ukuthi ingane inobunzima ngesikhathi sokubelethiswa.
Ukukhulelwa izingane eziningi isib.
Kwezinye izimo, ukubeletha ngokuhlinzwa kuyadingeka.
Lesi isifo sesibeletho esingavela emva kwezinsuku ezine kuya kweziyisikhombisa emva kokuhlinzwa.
Kujwayele ukulashwa ngemithi eyenza isibeletho ukuthi sifingqane bese siyeka ukopha.
Ukufakelwa igazi, ukuhlinzwa, futhi ezimeni ezingavamile i-hysterectomy, (ukuhlinzwa kukhishwe isibeletho) kungadingeka.
Ukulimala kwesinye noma umgudu wamathumbu kungenzeka.
Kudingeka ukuthi ubhalise Ohlelweni Lwabakhulelwe ukuthola izinzuzo zakho njengelunga lenye yezinkethi zezinzuzo ezilandelayo zakwa-GEMS.
Ukuzalela ekhaya kungu R6 610 kongaphansi kwelunga elikhulu ngamunye.
